Kukhona ibadlana eliqgamile lom'bala oluhlaza
Lihlezi emathangeni eNtaba yeTafula
Njengoba ime sakuguqa ngamadolo phansi
Kodwa kangiluboni uqobo lwe langa
Mina lapho engihleli khona
Kuphela ngiboba imisebe yalo ehlabayo
Ngilindile ngesineke ebhalikhoni yakwami
Ngibheke le ntokazi yakwaXhosa
Enyathela sengathi indiza emoyeni
Ihlala ngezansi kwawo lomgwaqo
Izothi lapho idlula ingithi kwi ngeso layo
Imamatheke maqede iphakamise isandla
Mhlawumbe nam’hlanje ngiyokwazi ukuyicela uxolo
Ingimele nje kancane bese ingipha igama layo

LLM Mbatha

http://www.poemhunter.com/poem/kukhona-ibadlana-eliqgamile-lombala-oluhlaza/